2 “Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
4 “Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele.
5 Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,
6 bawembese isikhumba samatahasi,* bendlale phezu kwawo indwangu eluhlaza yonke, bafake izinti zawo.
7 “Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza, babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo.
8 Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.