14 afikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe, yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga,
15 indoda iyakuletha umkayo kumpristi, imlethele umnikelo wakhe, ube ngokweshumi kwe-efa* lempuphu yebhali,* angatheli mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wempuphu wesikhwele, umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi.
16 “ ‘Umpristi uyakumsondeza, ambeke phambi kukaJehova,
17 umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba, athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele,* alufake emanzini,
18 umpristi ambeke owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso.
19 Umpristi amfungise, athi kowesifazane: “Uma kungalalanga ndoda nawe, ungadukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, mawukhululeke kulawa manzi ababayo aveza isiqalekiso;
20 kepha uma udukile usephansi kwendoda yakho, futhi ungcolisiwe, kulale nawe enye indoda ngaphandle kwendoda yakho,”