7 uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye.
8 Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala, inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo.
9 Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe.
10 Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe.’ ”
11 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye,
13 alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe, kufihlwe, angcoliswe, kungekho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga,