8 Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.
9 “ ‘Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe, uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa.
10 Ngosuku lwesishiyagalombili uyakuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana;
11 umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolo suku.
12 Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.
13 “ ‘Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelele wokuthi uyakulethwa emnyango wetende lokuhlangana,
14 anikele ngomnikelo wakhe kuJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wokushiswa, neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wesono, nenqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula,