3 Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova, izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.*
4 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
5 “Zamukele kuzo, ukuze zenze inkonzo yetende lokuhlangana, uzinike amaLevi, kube yilowo nalowo muntu ngokomsebenzi wakhe.”
6 UMose wathatha izinqola nezinkabi, wazinika amaLevi.
7 Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,
8 nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
9 Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.