23 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
24 “Yilokhu okungokwamaLevi: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili nanhlanu kuya phezulu ayakungena ukugcina umsebenzi wenkonzo yetende lokuhlangana:
25 kusukela kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu bayakuphuma emsebenzini wenkonzo, bangabe besakhonza;
26 kodwa bayakukhonza kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana, bagcine imfanelo kepha bangabe besakhonza. Uyakwenze njalo kumaLevi ngezimfanelo zawo.”