3 U-Aroni wenze njalo; wabeka izibani zalo ukuba zikhanyise ngaphambi kothi lwezibani, njengalokho uJehova emyalile uMose.
4 Nanku umsebenzi wothi lwezibani, umsebenzi wegolide elikhandiweyo: kuze kube sesinqeni salo nasezimbalini zalo kwakungumsebenzi okhandiweyo; njengesifanekiso uJehova asibonise uMose, wenze njalo uthi lwezibani.
5 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
6 “Thabatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ubahlambulule.
7 Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula, baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.
8 Bathabathe iduna nomnikelo walo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha; nelinye iduna uyakulithabatha libe ngumnikelo wesono.
9 Uyakuletha amaLevi phambi kwetende lokuhlangana, ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli,