1 UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:
2 “Futhi abantwana bakwa-Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo.
3 Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakuligcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.”
4 UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi bolenza iphasika.