15 Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.
16 Kwakunjalo ngesikhathi sonke: ifu lalisibekela, kwabonakala umlilo ebusuku.
17 Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwa-Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona.
18 Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.*
19 Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.
20 Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu,* nangesiyalezo sikaJehova bahamba.
21 Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa.