8 Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini, nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.
9 Ngase ngithi: “Bayini laba?”Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi: “Ngiyakukubonisa ukuthi bayini laba.”
10 Umuntu owayemi phakathi kwemibomvana wathatha wathi: “Laba yibo uJehova abathumile ukuba bahambahambe emhlabeni.”
11 Base bethatha, bathi kuyo ingelosi kaJehova eyayimi phakathi kwemibomvana: “Sihambahambile emhlabeni; bheka, wonke umhlaba uhlezi uthule.”
12 Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?”
13 UJehova wayesephendula ingelosi eyayikhuluma kimi ngamazwi amahle, amazwi amnandi.
14 Yayisithi kimi ingelosi eyayikhuluma nami: “Memeza uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngihawukela iJerusalema neSiyoni ngokuhawukela okukhulu.