1 Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,
2 kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.
3 ITire lazakhela inqaba,lanqwabela isiliva njengothuli,negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
4 Bheka, iNkosi iyakulaphuca,iphonse imfuyo yalo elwandle,lona lidliwe ngumlilo.
5 I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe,neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu,kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha;inkosi iyakubhubha eGaza,ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.
6 E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla;ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.
7 Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo,nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo,nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu,babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.
8 Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami,ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo;akusayikudlula mcindezeli kubo,ngokuba sengibonile ngawami amehlo.
9 Thokoza kakhulu,ndodakazi yaseSiyoni;jabula nokujabula,ndodakazi yaseJerusalema;bheka, iNkosi yakho iza kuwe,ilungile, inensindiso,ithobekile, ikhwele imbongolo,ithole, inkonyane yembongolokazi.
10 Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema,nomnsalo wokulwa uyakunqunywa;iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe,nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle,kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.
11 Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho,ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.
12 Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba;namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.
13 Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo,ngibeka u-Efrayimi kuwo,ngivusela amadodana akho, Siyoni,kumadodana akho, Javani,ngikwenze inkemba yeqhawe.
14 UJehova abesebonakala phezu kwabo,umcibisholo wakhe uphume njengonyazi;iNkosi uJehova iyakubetha icilongo,ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.
15 UJehova Sebawoti uyakubavikela,badle, banyathele phansi amatshe endwayimana;bayakuphuza igazi labo njengewayini,bagcwale njengemikhele,njengamagumbi e-altare.
16 UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo sukunjengomhlambi wabantu bakhe,ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.
17 Yeka ubuhle balo!Yeka ukubukeka kwalo!Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo,newayini elisha izintombi zalo.