Uzakariya 10 ZUL59

UJehova ungumsizi oqinisileyo

1 Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva,uJehova owenza imibani,abesebanika izihlambi zemvula,yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.

2 Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize,nababhuli babone okungamanga;bakhuluma amaphupho angelutho,baduduza ngeze;ngalokho bayasuka njengezimvu,bathotshisiwe,ngokuba kungekho umalusi.

3 “Intukuthelo yami ivuthele abelusi;ngiyakujezisa izimpongo,ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe,indlu yakwaJuda,abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.

4 Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi,kuyena isikhonkwane,kuyena umnsalo wempi,kuyena bonke ababusi kanyekanye.

5 Bayakuba njengamaqhaweanyathela udaka ezitaladini ekulweni;bayakulwa, ngokuba uJehova unabo,nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.

6 “Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,ngisindise indlu yakwaJosefa,ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,babe kungathi angizange ngibalahle,ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;ngiyakubezwa.

7 U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe;inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini;abantwana babo bayakukubona, bathokoze;inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.

8 Ngiyakubahlabela ikhwelo,ngibabuthe,ngokuba ngibahlengile;bayakwanda njengalokho kade banda.

9 Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu,bayakungikhumbula ezindaweni ezikude,baphile kanye nabantwana babo,babuye.

10 Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe,ngibabuthe e-Asiriya,ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni,abayikutholelwa indawo.

11 Bayakudabula elwandle lokuhlupheka,kushaywe amaza olwandle,nezintwa zonke zeNayile ziyakoma,kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya,isuke intonga yaseGibithe.

12 Ngiyakubaqinisa kuJehova,bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14