3 “Intukuthelo yami ivuthele abelusi;ngiyakujezisa izimpongo,ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe,indlu yakwaJuda,abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.
4 Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi,kuyena isikhonkwane,kuyena umnsalo wempi,kuyena bonke ababusi kanyekanye.
5 Bayakuba njengamaqhaweanyathela udaka ezitaladini ekulweni;bayakulwa, ngokuba uJehova unabo,nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.
6 “Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,ngisindise indlu yakwaJosefa,ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,babe kungathi angizange ngibalahle,ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;ngiyakubezwa.
7 U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe;inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini;abantwana babo bayakukubona, bathokoze;inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.
8 Ngiyakubahlabela ikhwelo,ngibabuthe,ngokuba ngibahlengile;bayakwanda njengalokho kade banda.
9 Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu,bayakungikhumbula ezindaweni ezikude,baphile kanye nabantwana babo,babuye.