7 U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe;inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini;abantwana babo bayakukubona, bathokoze;inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.
8 Ngiyakubahlabela ikhwelo,ngibabuthe,ngokuba ngibahlengile;bayakwanda njengalokho kade banda.
9 Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu,bayakungikhumbula ezindaweni ezikude,baphile kanye nabantwana babo,babuye.
10 Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe,ngibabuthe e-Asiriya,ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni,abayikutholelwa indawo.
11 Bayakudabula elwandle lokuhlupheka,kushaywe amaza olwandle,nezintwa zonke zeNayile ziyakoma,kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya,isuke intonga yaseGibithe.
12 Ngiyakubaqinisa kuJehova,bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.