1 Vula iminyango yakho, Lebanoni,ukuba umlilo udle imisedari* yakho.
2 Hhewula, msayipuresi,*ngokuba umsedari* uyawa,ngokuba emihle iyachithwa;hhewulani nina ma-oki* aseBashani,ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.
3 Izwi lokukhala kwabelusi!ngokuba udumo lwabo luyachithwa;izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama!ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa.
4 Usho kanje uJehova uNkulunkulu wami, uthi: “Yalusa izimvu zokuhlatshwa,
5 ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli.
6 Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni,” usho uJehova, “kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe; bona bayakushaya izwe labo, kepha angiyikubophula esandleni sabo.”
7 Ngase ngalusa izimvu zokuhlatshwa, izimvu ezihluphekayo. Ngazithathela izintonga ezimbili, enye ngayibiza ngokuthi uMusa, nenye ngayibiza ngokuthi uZibopho; ngalusa-ke izimvu.