13 Wathi kimi uJehova: “Ziphonse kumbumbi,” inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo. Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.
14 Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili, uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.
15 UJehova wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomalusi oyisiwula.
16 Ngokuba bheka, ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezaphukileyo, angaboneleli eziphilayo, kepha adle inyama yezikhulupheleyo, adwebule izinselo zazo.
17 “Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu!Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene;ingalo yakhe iyakubuna nokubuna,neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”