4 “Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni, kube yilowo nalowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe, bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa;
5 kepha uyakuthi: ‘Angisiye umprofethi, ngingumlimi womhlabathi, ngokuba umuntu wangithenga ebusheni bami.’
6 Uma sekuthiwa kuye: ‘Iyini leyo mivimbo esezandleni zakho na?’ uyakuthi: ‘Engashaywa ngayo endlini yabathandiweyo bami.’
7 “Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami,uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti.“Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu,bese ngiphendulela abancane isandla sami.
8 Kuyakuthi ezweni lonke,” usho uJehova,“kunqunywe izinxenye ezimbili kulo,zibhubhe,kusale eyesithathu kulo.
9 Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni,ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva,ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide;bayakubiza igama lami,ngibaphendule,ngithi: ‘Bangabantu bami;’base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”