12 Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.
13 Kuyakuthi ngalolo suku kube phakathi kwabo isidumo esikhulu esivela kuJehova, babambe, kube yilowo nalowo isandla somakhelwane wakhe, isandla sakhe sivukele isandla somakhelwane wakhe.
14 NoJuda uyakulwa eJerusalema, kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu.
15 Kuyakuba njalo ukushaywa kwamahhashi, neminyuzi,* namakamela nezimbongolo, nazo zonke izilwane, okuyakuba khona kulawo makamu,* njengalokho kushaywa.
16 Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.
17 Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba, baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, phezu kwabo kungabi yimvula.
18 Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike, ayiyikuba naphezu kwawo; kepha kuyakuba khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.