6 Enamahhashi amnyama iphumela ezweni lasenyakatho; amhlophe ayawalandela; anala aphumela ezweni laseningizimu.”
7 Alufipha aphuma, afuna ukuhambahamba emhlabeni; yathi: “Hambani, nihambahambe emhlabeni.” Ayesehambahamba emhlabeni.
8 Yayisimemeza kimi, yakhuluma kimi, yathi: “Bheka, aphumela ezweni lasenyakatho, ayakuthulisa uMoya wami ezweni lasenyakatho.”
9 Lase lifika izwi likaJehova, lathi;
10 “Yamukela kubathunjwa, kuHelidayi, nakuThobiya, nakuJedaya izipho, uhambe wena ngalona lolo suku, ungene endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, lapho befike khona bevela eBabele.
11 Lapho wamukele isiliva negolide, yenza umqhele, uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,
12 usho kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.