8 Yayisimemeza kimi, yakhuluma kimi, yathi: “Bheka, aphumela ezweni lasenyakatho, ayakuthulisa uMoya wami ezweni lasenyakatho.”
9 Lase lifika izwi likaJehova, lathi;
10 “Yamukela kubathunjwa, kuHelidayi, nakuThobiya, nakuJedaya izipho, uhambe wena ngalona lolo suku, ungene endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, lapho befike khona bevela eBabele.
11 Lapho wamukele isiliva negolide, yenza umqhele, uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,
12 usho kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.
13 Yebo, yena uyakulakha ithempeli likaJehova, athwale ubukhosi, ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona nompristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona ukululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.’
14 Imiqhele iyakuba yisikhumbuzo sikaHelemi, nesikaThobiya, nesikaJedaya, nesikaHeni, indodana kaZefaniya, ethempelini likaJehova.