20 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakufika izizwe nabakhe emizini eminingi,
21 bahambe abakhileyo komunye, baye komunye, bathi: ‘Masiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova, simfune uJehova Sebawoti; nami ngiyakuhamba.’
22 Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.”
23 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”