3 ITire lazakhela inqaba,lanqwabela isiliva njengothuli,negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
4 Bheka, iNkosi iyakulaphuca,iphonse imfuyo yalo elwandle,lona lidliwe ngumlilo.
5 I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe,neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu,kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha;inkosi iyakubhubha eGaza,ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.
6 E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla;ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.
7 Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo,nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo,nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu,babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.
8 Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami,ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo;akusayikudlula mcindezeli kubo,ngokuba sengibonile ngawami amehlo.
9 Thokoza kakhulu,ndodakazi yaseSiyoni;jabula nokujabula,ndodakazi yaseJerusalema;bheka, iNkosi yakho iza kuwe,ilungile, inensindiso,ithobekile, ikhwele imbongolo,ithole, inkonyane yembongolokazi.