5 I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe,neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu,kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha;inkosi iyakubhubha eGaza,ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.
6 E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla;ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.
7 Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo,nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo,nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu,babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.
8 Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami,ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo;akusayikudlula mcindezeli kubo,ngokuba sengibonile ngawami amehlo.
9 Thokoza kakhulu,ndodakazi yaseSiyoni;jabula nokujabula,ndodakazi yaseJerusalema;bheka, iNkosi yakho iza kuwe,ilungile, inensindiso,ithobekile, ikhwele imbongolo,ithole, inkonyane yembongolokazi.
10 Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema,nomnsalo wokulwa uyakunqunywa;iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe,nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle,kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.
11 Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho,ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.