Kumaheberu 1 ZUL59

UKristu mkhulu kunezingelosi zonke

1 UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,

2 ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.

3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,

4 seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.

UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu

5 Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“UyiNdodana yami wena,namuhla ngikuzele,” na?nokuthi:“Ngiyakuba nguYise kuyona,yona ibe yiNdodana kimina,” na?

6 Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”

7 Ngezingelosi uthi:“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”

8 Kepha ngeNdodana uthi:“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,singesaphakade naphakade;intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

9 Uthandile ukulunga,wazonda ububi;ngalokho-ke uNkulunkulu,uNkulunkulu wakho,ukugcobile ngamafutha enjabulongaphezu kwabafowenu,”

10 nokuthi:“Wena Nkosi,ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;amazulu angumsebenzi wezandla zakho.

11 Wona ayakubhubha,kepha wena umi njalo;wona onke ayakuguga njengengubo.

12 Njengesambatho uyakuwagoqonga,njengengubo ayakuguquka.Kepha wena unguye njalo,iminyaka yakho ayiyukuphela.”

13 Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“Hlala ngakwesokunene sami,ngize ngenze izitha zakhozibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na?

14 Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13