Kumaheberu 8 ZUL59

UKristu usenguye umpristi omkhulu nasezulwini

1 Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,

2 isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.

3 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.

4 Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,

5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”

6 kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.

Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala

7 Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.

8 Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo:“Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi,lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli,nendlu kaJuda,

9 kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyisemhla ngibabamba ngesandlaukubakhipha ezweni laseGibithe,ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami,nami angibanakanga, isho iNkosi.

10 Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeliemva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,ngibe nguNkulunkulu wabo,bona babe ngabantu bami.

11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo,nalowo umfowabo, ngokuthi:‘Yazi INkosi;’ngokuba bonke bayakungazi,kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

12 Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,nezono zabo angisayikuzikhumbula.”

13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13