3 Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,
4 seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.
5 Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:“UyiNdodana yami wena,namuhla ngikuzele,” na?nokuthi:“Ngiyakuba nguYise kuyona,yona ibe yiNdodana kimina,” na?
6 Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:“Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”
7 Ngezingelosi uthi:“Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”
8 Kepha ngeNdodana uthi:“Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,singesaphakade naphakade;intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
9 Uthandile ukulunga,wazonda ububi;ngalokho-ke uNkulunkulu,uNkulunkulu wakho,ukugcobile ngamafutha enjabulongaphezu kwabafowenu,”