13 usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.
14 Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.
15 Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi:
16 “Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo,emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo,ngiyilobe engqondweni yabo,
17 nezono zabo nobubi baboangisoze ngakukhumbula futhi.”
18 Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
19 Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu