17 nezono zabo nobubi baboangisoze ngakukhumbula futhi.”
18 Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
19 Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu
20 ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe,
21 sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu,
22 masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;
23 masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;