4 ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.
5 Ngalokho-ke esefika ezweni uthi:“Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga,kodwa ungilungisele umzimba.
6 Iminikelo yokushiswa nemihlatshelongenxa yesono awuyithokozelanga.
7 Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza --emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami --ukuba ngiyenze, Nkulunkulu,intando yakho.’ ”
8 Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho,
9 ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili.
10 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.