13 Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
14 Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo.
15 Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo;
16 kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
17 Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayamukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,
18 okwathiwa kuye: “Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka,”
19 ethi uNkulunkulu unamandla okuvusa nakwabafileyo; ngokulinganisa wabuye wamthola futhi evela khona.