29 Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza.
30 Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa.
31 Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula.
32 Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi,
33 abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,
34 bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.
35 Abesifazane bamukeliswa abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa, ukuze bathole ukuvuka okuhle;