11 Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
12 Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,
13 nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.
14 Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;
15 niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,
16 kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje.
17 Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.