23 nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,
24 nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.
25 Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,
26 ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kepha manje uthembisile wathi: “Kusezakuba kanye ngizamazamise kungabi ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.”
27 Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.
28 Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,
29 ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.