3 Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.
4 Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini;
5 senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi:“Ndodana yami,ungadeleli ukulaya kweNkosi,uphele amandla, nxa usolwa yiyo,
6 ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayoishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”
7 Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na?
8 Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana.
9 Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?