11 Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*.
12 Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
13 Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.
14 Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.
15 Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
16 Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
17 Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.