8 UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.
9 Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.
10 Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.
11 Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*.
12 Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
13 Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.
14 Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.