1 Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.
2 Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo,
3 thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? -- okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,
4 uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.