10 Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.
11 Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu,
12 ethi:“Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho,ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,”
13 futhi:“Ngiyakubeka ithemba lami kuye,”futhi:“Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”
14 Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,
15 abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.
16 Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama.