15 abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.
16 Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama.
17 Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.
18 Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.