2 Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo,
3 thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? -- okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,
4 uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.
5 Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo.
6 Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi:“Umuntu uyini ukuba umkhumbule,noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na?
7 Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi;wambeka umqhele wenkazimulo nodumo,wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho,izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.”
8 Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe;