12 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;
13 kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,
14 ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.
15 Uma kuthiwa:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenunjengasekucunuleni,”
16 pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?
17 Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?
18 Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?