4 Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.
5 UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,
6 kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.
7 Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleningosuku lokulingwa ehlane,
9 lapho oyihlo bangilinga bengihlola,noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;
10 ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,abazazanga izindlela zami,’