1 Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.
2 Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.
3 Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi:“Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami,ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ”nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.
4 Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,”
5 nakule ndawo uthi futhi: “Abayikungena ekuphumuleni kwami.”