3 ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.
4 Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.
5 Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi:“UyiNdodana yami wena,namuhla ngikuzele,”
6 njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi:“Wena ungumpristi kuze kube phakadengokokuma kukaMelkisedeki,”
7 owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
8 Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho;
9 esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,