6 babuye bahlubuka -- akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.
7 Ngokuba umhlabathi, ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo, umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu;
8 kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.
9 Kepha siyethemba ngani bathandekayo okuhle kunalokho, ngisho okuqondene nokusindiswa, noma sikhuluma kanje.
10 Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.
11 Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni,
12 ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.