11 Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho -- kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?
12 Ngokuba uma ubupristi buguquliwe, kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.
13 Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare.
14 Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.
15 Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki,
16 ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo.
17 Ngokuba kufakazwa ngaye ukuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.”