14 Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.
15 Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki,
16 ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo.
17 Ngokuba kufakazwa ngaye ukuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.”
18 Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo,
19 lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.
20 Futhi ngalokho ukuthi akubanga ngaphandle kokufunga -- ngokuba labo kambe babekwa babe ngabapristi ngaphandle kokufunga,