18 Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo,
19 lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.
20 Futhi ngalokho ukuthi akubanga ngaphandle kokufunga -- ngokuba labo kambe babekwa babe ngabapristi ngaphandle kokufunga,
21 kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi:“INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi:‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”
22 Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.
23 Kulabo-ke baba baningi ababekwa babe ngabapristi, ngokuba bathiyeka ngenxa yokufa ukuba baqhube njalo;
24 kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka;