5 Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;
6 kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku-Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso.
7 Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu.
8 Lapha-ke abantu abafayo bamukeliswa okweshumi, kepha lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila.
9 Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama,
10 ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza.
11 Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho -- kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?