9 Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama,
10 ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza.
11 Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho -- kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?
12 Ngokuba uma ubupristi buguquliwe, kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.
13 Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare.
14 Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.
15 Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki,